Owashadiswa ngenkani 'ubulale' abasemzini ngoshevu

2017-11-01 12:29

Multa - Owesifazane wasePakistan onike umyeni wakhe ubisi olunoshevu uholele ekufeni kwamalungu angu-12 asemzini kulandela ukuthi kusebenzise lolu bisi ukwenza isiphuzo, kusho amaphoyisa.

Lo wesifazane, owashadiswa ngenkani ngoSepthemba, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela wabe esebekwa icala lokubulala ekanye neshende lakhe, kusho isikhulu samaphoyisa u-Owais Ahmad, etshela izintatheli esifundeni iMuzaffargarh ngoMsombuluko.

Amaphoyisa asola ukuthi u-Asiya Bibi wathaka ubisi lomyeni wakhe ngoshevu ngesonto eledlule kepha umyeni wangaluphuza njengoba kwakuhleliwe, esikhundleni salokhu lathathwa kwenziwa ngalo isiphuzo esabe sesinikezwa umndeni kamufi.

OLUNYE UDABA: Ugcwele amathafa owesifazane 'owadlisa umyeni ushevu' esekhathele ucansi

Isibalo sabashonile simi ku-13, okubalwa nomyeni wakhe, kanti abanye abangu-14 bangeniswe esibhedlela, kusho u-Ahmad.

"Amaphoyisa asembophile u-Asiya Bibi, owesilisa no-anti wakhe ngokuba yingxenye yalesi sigameko base bebekwa icala lokubulala," kushuqa u-Ahmad.

Uthe lo wesilisa oboshiwe kusolakala ukuthi uyishende likaBibi, kanti u-anti nguye owasiza ekwakhiweni kozungu lokubulala.

Ukushadiswa ngenkani kanjalo nokuganiswa kwezingane zisezincane kuvamile ePakistan, ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya kanye nalezo ezihlala abantu abadla imbuya ngothi, lapho abesifazane bengenawo amalungelo.


- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...