OwaseNigeria ube nesibonakaliso ngozoba ngumengameli waseMelika

2016-11-07 11:30

Lagos – Umphrofethi waseNigeria u-TB Joshua weSynagogue Church of nations (SCOAN), useqagule ukuthi uHillary Clinton uzonqoba ukhetho lwaseMelika ngencacamezela kwimbangi yakhe yeRepublican uDonald Trump.

U-TB Joshua ukusho lokhu ngesikhathi lapho khona amehlo omhlaba wonke ethe njo okhethweni lwaseMelika oluzoba ngoLwesibili mhlaka 8 Novemba.

Lokhu ukudalule ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yangeSonto ebigcwele phama.

OLUNYE UDABA: Kubonwa ngokusa kodutshulwe yishende lomkakhe

U-TB Jushua uthi ubenombono ngozonqoba ukhetho ezinsukwini eziyishumi ezedlule.

Lo mprofethi ube esetshela nabalandeli bakhe kuFacebook abangaphezu kwabangu-25 million ngombono abenawo.

Uthe kodwa umengameli omusha uzobhekana nezingqinamba eziningi, okubalwa kuzona nesiphakamiso sokungathenjwa kobuholi bakhe ngemuva kwemithetho ezophasiswa.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C More clouds than sun. Mild. Pta: 9-22°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 7-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...