OwamaKhatholika angase ayicabangisise eyokugcoba abefundisi abashadelwe

2017-03-10 14:00

Berlin – UPope Francis, engxoxweni eshicilelwe ngoLwesine, uthe ibandla lamaKhatholika lingase liyicabangisise eyokugcoba abefundisi besilisa abashadelwe, abangase basebenze ezindaweni ezicezile ezibhekene nenkinga yokushoda kwabefundisi.

"Kumele sicabange ngokuthi kumele yini bagcotshwe abefundisi abashadelwe,” kusho uPhapha Francis ekhuluma ngabesilisa abadala abashadelwe okumanje bayaqhubeka nokwenza eminye imisebenzi yebandla.

"Ngemva kwalokho kuzomele sithathe isinqumo ngomsebenzi abangawenza, isibonelo nje emiphakathini ecezile,”  usho kanje kwiDie Zeit.

OLUNYE UDABA: Kushone izingane kuqubuka umlilo ekhaya 'lezintandane

Iningi ebandleni likholelwa - ngenxa yokushoda kwabefundisi ezindaweni eziningi ezicezile - ukuthi kumele kuthathwe enye indlela ngokugcotshwa kwabefundisi.

UPope Francis ngoMeyi 2014 wathi bakhona abefundisi abashadelwe ebandleni lamaKhatholika, esho labo ababengamaSheshi noma abaphuma kwamanye amabandla.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...