Okhuluphele ushibilike wawela phezu komyeni wakhe, bashona bobabili

2016-07-06 19:01

New Delhi – Owesifazane okhuluphele ngokweqile ushelele emastebhisini wawela phezu komyeni wakhe, base beshona bobabili kulesi sigameko esingaqondakali.

UManjula Vithlani, 68, waseRamdham, eNdiya, uwe ngesikhathi ethi uyaphuthuma uyobheka indodana yakhe engaphilile ebisesitezi.

Umyeni kaVithlani ulimale kabi ekhanda ngemuva kokuthi ewele phezulu kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa utshele iTimes of India ukuthi lesi sigameko senzeke ngabo-04:00 ezintatha.

OLUNYE UDABA: Uzodedelwa ejele okhuluphele ngokweqile

“Unkosikazi wendodana egulayo wehlile wayothathela umyeni wakhe umuthi kanti kuzovuka umamezala nobabezala.

“Bathe besaphuthuma beya esitezi beyobheka indodana kwase kwenzeka le ngozi.”

Kuthiwa lezi zithandani bekuzikhathaza kakhulu ukugula kwendodana yazo, ebikhala ngokuncisheka umoya uma iphefumula.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...