Obesezobeletha ushone engozini yemoto

2018-01-23 16:00

Maine  - Kushone owesifazane ozithwele ngesikhathi eshayela elibangise esibhedlea lapho abeyobelethela khona kulandela ukuhluleka ukulawula imoto wadala ingozi, kusho amaphoyisa eMaine.

Lo wesifazane ushonile kanti ingane kubikwa ukuthi isesimeni esibucayi.

Abezindaba iKennebec Journal babike ukuthi isigameko senzeke ngoMsombuluko ekuseni ku-R2 eSkowhegan.

OLUNYE UDABA:Ozithwele uzithungele ngomlilo esola umyeni ngokuphinga

Iziphathimandla zithe owesifazane, 27, ubeshayela elibangise esibhedlela esuka eCannan.

Amaphoyisa athi imoto yalo wesifazane ishayise iqhwa yabe isiphenduka yaze yayohlala edamini nalo elineqhwa.

Iziphathimandla zithi lo wesifazane ubesenezinyanga ezingu-9 ezithwele kanti futhi odokotela besibhedlela iRedington-Fairview bamubelethise ngiomthungo.

Indoda nentombazane, 8, nabo abebesemotweni ngesikhathi sesigameko bangeniswe esibhedlela. Isimo abakuso asaziwa.

Amaphoyisa abengakalidaluli igama lesisulu.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...