Obenikwe ifa lendlu, uhlabane ngomcebo ka-R52m efika endlini

2016-11-23 11:35

Rouen – Owesilisa waseFrance othole ifa lendlu esihlotsheni sakhe esesashona uthole ngaphezulu kwalokho abekulindele ngesikhathi ethola umcebo wegolide wenani lezigidigidi kule ndawo.

Lo mlisa, elingadalulwanga igama lakhe, uthole izinto eziyigolide ezinesisindo sika-100kg sezizonke, kubika iphephandaba iLa Depeche.

Kuthiwa lama-coin egolide abefiihlwe kahle, njengoba amanye awo ebengaphansi kwempahla yasendlini.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe ofake isithombe sakhe kuFacebook ekhulelwe

Kuthiwa ngemuva kokuwathola wonke, umnikazi womuzi ube esebiza ummeli wakhe ukuba abhale phansi.

Kutholakale ukuthi wonke athengwa phakathi kuka-1950 kuya ku-1960.

Izincwadi zawo wonke lo mcebo nazo zitholakale kuyona le ndlu.

Kuthiwa kodwa-ke umnikazi wawo kuzomele akhokhe intela eyizigidigidi ngenxa yokuthi umufi wayengazange adalule wonke umcebo wakhe kubaqodi bentela. 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...