Obejahwa amaphoyisa uboshiwe kutholakala isidumbu sikanika emotweni yakhe

2018-01-10 16:00

Pierre — Owesilisa oboshiwe kulandela ukujahwa ngamaphoyisa eSouth Dakota kuvele ukuthi kutholakale isidumbu sikamama wakhe emotweni abehamba ngayo wabe esebekwa icala lokubulala eCalifornia.

Imiqulu yenkantolo itshengisa ukuthi uTosten Walsh Lommen, oneminyaka engu-30 ubudala, ubekwe icala ngoMsombuluko eRiverside County mayelana nokubulawa kukamama wakhe uMichelle Walsh, 58.

Iphephandaba iRapid City Journal laseSouth Dakota libike ukuthi amaphoyisa asola ukuthi uLommen wabulala umama wakhe ngabomhlaka-30 Disemba.

Abaphenyi bakholelwa ekutheni lo mama ubehlala nendodana yakhe kuphela emzini wakhe osePalm Springs, eCalifornia.

OLUNYE UDABA: Ubulale unina wagcina isidumbu endlini

Iziphathimandla zithi amaphoyisa aseSouth Dakota athole isidumbu sikaWalsh emotweni abishayelwa nguLommen ngemuva kokuboshwa kulandela ukujahwa ngamaphoyisa ngomhlaka-1 Januwari nonyaka.

Kumanje uboshelwe ejele eliseSouth Dakota ngecala lokuzama ukubalekela ingalo yomthetho nokushayela edle amanzi amponjwana.

Izikhulu zaseCalifornia zihlela ukufuna amaphepha okuthi uLommen abuyiselwe eCalifornia. Akucaci noma ubesenaye yini ummeli.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...