Obediniwe ngenxa yendawo yokupaka ugwaze abantu, washayisa abanye

2017-12-04 14:01

New York — Owesilisa obediniwe kubangwa indawo yokupaka izimoto ugwaze abantu ababili, washayisa abanye ebebezihambela eceleni komgwaqo ngeSonto, kwashona umuntu oyedwa, kwalimala abaningi, kusho amaphoyisa.

Isigameko senzeke eHookah lounge eQueens, ngesikhathi umshayeli obehamba ngeHyundai ephume emotweni yakhe wagwaza abantu ababili, kusho owamaphoyisa aseNew York uDavid Barrere.

Zombili izisulu zigwazwe esifubeni, kusho iziphathimandla.

Umsolwa ube esengena emotweni yakhe, washayisa abanye futhi abantu eceleni komgwaqo ngaphambi kokuba abaleke endaweni yesigameko, kusho uBarrere.

OLUNYE UDABA: Ukushaqeka abosizo lokuqala bethola indoda ingenaso isandla

Okwamanje akwaziwa ukuthi ngabe ubexabene yini nabantu abashayise ngemoto.

Kushone umuntu oyedwa, kanti abahlanu bathole ukulimala, futhi oyedwa wabo usesimweni esibucayi ngemuva kokushayiswa yimoto.

Abanye ababili abagwaziwe basesimeni esethembisayo esibhedlela.

Iziphathimandla zithe umshayeli usezikhindini.  

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...