Obambe iPowerball ka-$759m uthi akasalubhadi emsebenzini

2017-08-25 11:01

Boston – Izikhulu ze-lotto eMassachusetts ngoLwesine zigcine zimtholile owesifazane oneminyaka engu-53 ubudala owine imali engaphezu kuka-$750 million kwi-Powerball.

Lona wesifazane osekhulile ohlala eChicopee nobengumhlengikazi, uwine imali enkulu kakhulu emlandweni we-lotto eMelika.

Owesifazane, uMavis Wanczyk, ubekhona esithangamini sabezindaba ngesikhathi ezolanda isheke lakhe.

"Bengifuna ukuba lento iphele, abantu bakhohlwe yimina,” kusho uWanczyk, onendodakazi eneminyaka engu-31 ubudala kanye nendodana eneminyaka engu-26 ubudala, etshela izintatheli ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ofihle 'umgwinyo' emathunjini eziklabhu

Uthe ubesesebenze iminyaka engu-32 esibhedlela saseSpringfield, kodwa wathi usebafonelile wabatshela ukuthi ngeke esabuyela emsebenzini.

UWanczyk uthi ugqugquzelwe nguzakwabo ukuba ayobheka ithikithi lakhe ngesikhathi esephuma emsebenzini ngoLwesithathu.

"Ngimtshele ukuthi ngiyazi ukuthi akumina owinile,” kusho uWanczyk othe uthuke kabi esethola ukuthi uyena owinile.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...