Lizoxoshwa iphoyisa elathi ‘babulala abantu abamnyama kuphela’

2017-09-02 11:08

Georgia – Iphoyisa elingumlungu laseGeorgia, eMelika, elaqoshwa kwi-video ngesikhathi kunesivimbamgwaqo lithi “sibulala abantu abamnyama kuphela” lizoxoshwa, kusho izikhulu.

Isikhulu samaphoyisa aseCobb County, uMike Register, utshele izintatheli ngoLwesine ukuthi useluqalile uhlelo lokudabula inkontileka kaLieutenant Greg Abbott.

I-video eyaqoshwa ngoJulayi 2016 itshengisa imoto emiswe eceleni komgwaqo. Kuzwakala umuntu wesifazane ongumlungu etshela u-Abbott ukuthi uyesaba ukwelula izandla zakhe athathe umakhalekhukhwini ngoba usaba ukuthi angase adutshulwe, kusho umbiko wesiteshi sikamabonakude i-WSB-TV.

U-Abbott ube esemngena emlonyeni athi: “Kepha awuyena umuntu omnyama nje wena. Khumbula, sibulala abantu abamnyama kuphela, uyezwa?”

U-Abbott, osebe yiphoyisa iminyaka evile kwengu-20, umisiwe emsebenzini ngesonto eledlule njengoba bekusaqhubeka uphenyo.

Buka i-video ngezansi:

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...