Limlahlile icala owagwazwa, wabulala izingane ayezigada

2018-04-21 14:30

Umzanyana owayethenjwa kakhulu wumndeni wezingane ezimbili ayezigada, owabulala lezi zingane abazali bazo bengekho, ulahlwe yicala lokubulala.

Inkantolo ithi ayikholwa ukuthi wayephazamisekile ekhanda lo wesifazane ngesikhathi enza lesi sigameko, nokuthi bekungamele ashushiswe.

Inkantolo ngoLwesithathu ithole ukuthi uYoselyn Ortega wayekwazi kahle kamhlophe konke ayekwenza ngesikhathi ebulala uLucia Krim, 6, noLeo Krim, 2, ngo-Okthoba 2012.

U-Ortega akazange atshengise muzwa ngesikhathi kwehliswa isinqumo senkantolo, kuthe ngokuhamba kwesikhathi wabonakala esula izinyembezi esephuma enkantolo.

Ubaba walezi zingane, uKevin Krim, ubonge izikhulu zenkantolo ngalesi sinqumo, wabonakala ezanga ngemuva kokumenyezelwa kwesinqumo.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe umama owabulala izingane zakhe ngokuzigwilizisa kubhavu

Umama wezingane, uMarina Krim, owabuya ekhaya wazithela phezu kwezidumbu zezingane zakhe egumbini lokugezela, uzwakalise ukujabula kulandela isinqumo senkantolo.

Ummeli ka-Ortega, uValerie Van Leer-Greenberg, akazange aphike ukuthi ikhasimende lakhe labulala izingane kepha wathi laliphazamisekile emqondweni ngesikhathi ligila lesi simanga.

Uthe u-Ortega wayengazi ukuthi wenzani ngesikhathi egwaza lezi zingane ezibulala.

"Ukugula ngengqondo akumemezeli uma sekuzofika," kusho uVan Leer-Greenberg enkantolo kuqhubeka icala.

Nokho abashushisi bebemile kwelokuthi u-Ortega wenza lokhu ngoba emonazela umama wezingane.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...