Likhishwe phambili iwele ebelisolwa ngokubulala elinye

2018-02-02 14:03

Honolulu – Owesifazane osolwa ngokuphonsa ngamabomu imoto eweni eHawaii, kwashona iwele lakhe, ukhishwe phambili ecaleni lokubulala ngoLwesine.

Umehluleli umthole engenacala u-Alexandria Duval ecaleni eliqale ukuthethwa ngoMsombuluko.

Iziphathimandla zithi kwakuliwa emotweni kubangwa nesiteringi ngesikhathi kwenzeka ingozi ngo-2016.

La mawele abonakala exabana emotweni eyayihamba emgwaqeni onamajika ngaphambi kokuba imoto iphoseke eweni.

OLUNYE UDABA: Kushone 14 engoziini yebhasi netekisi

Iziphathimandla zithi u-Alexandria nguyena owayeshayela imoto yohlobo lweFord Explorer ngesikhathi ofakazi bebona exabana nodadewabo emgwaqeni.

Owesifazane elingadalulwanga igama lakhe watshela amaphoyisa ukuthi wezwa owesifazane ehayiza esemotweni, kanti owayehlezi eceleni wayedonsa izinwele zomshayeli kanye nesiteringi.

U-Anastasia Duval uyena owayehlezi eceleni - nowashona - kwaboshwa udadewabo u-Alexandria Duval.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...