Ligwetshiwe iphoyisa lomlungu eladubula labulala omnyama

2017-12-08 09:30

Charleston – Iphoyisa lomlungu eMelika ligwetshwe iminyaka engu-20 libhadla ejele ngoLwesine ngokudubula libulale owesilisa webala elimnyama kungenasizathu.

Ukubulawa kukaWalter Scott ngo-Ephreli 2015 kwaba ngezinye zezigameko ezishaqisayo ezenziwa ngamaphoyisa eMelika kubantu abamnyama, nokwaholela emibhikishweni eminingi.

Iphoyisa, uMichael Slager, ladubula labulala uScott,50, eNorth Charleston ngesikhathi ebaleka ngemuva kokumiselwa ukuthi kalisebenzi ilambu lamabhuleki emotweni yakhe.

OLUNYE UDABA: Ubaba nogogo wabekwe icala ngokuzidubula kwengane,3

USlager waqamba amanga, wathi wayezivikela ngesikhathi ebulala uScott, kodwa i-video eyaqoshwa ngowazibonela yaveza uSlager edubula uScott ngesikhathi ebalekela amaphoyisa.

USlager wathola ukugxekwa ngokuqamba amanga ngokwenzeka, nangokubeka eduze kwesidumbu isibhamu sakhe athi uScott wayezama ukumephuca sona. 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...