Ligandaywe yisitimela ibhungu lithatha iSelfie

2016-02-01 14:31

New Delhi - Lishayiswe yisitimela lashona ibhungu ngemuva kokuzama ukuthatha isithombe, iSelfie, phambi kwesitimela ebesishoshioloza, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Isitimela sigandaye leli bhungu ngemuva kokuba lingene kujantshi liyothatha isithombe edolobheni laseChennai ngesikhathi selilibangise ekhaya nabangani ngeSonto ntyambama.

OLUNYE UDABA:Ungeniswe esibhedlela ozame ukuthatha iSelfie nenyoka

"Bekuyinhlekelele yengozi, iningi lentsha seliyakuthanda ukuithatha amaSelfie," kusho iphoyisa uS. Ramuthai etshela ebzindaba.

Kubikwa ukuthi leli bhungu elineminyaka engu-16 ubudala ebelichithe usuku lwalo eZoo lingene kujantshi lalinda ukuba ukuba isitimela sisondele ukuze lizothatha iSelfie uma isitimela sesisondele eduze, ngokusho kwemibiko yabezindaba.

Lesi sigameko silandela leso sokugwiliza kwendoda eyayizama ukusindida intombazane eyawa yangena olwandle ngesikhathi nayo ithatha iSelfie.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...