Libekwe icala iphoyisa elibulale indoda ebifuna ukuzibulala

2017-12-06 12:30

Oklahoma City - Iphoyisa lase-Oklahoma City, eMelika, elidubule labulala indoda ebisabisa ngokuzibulala, libekwe icala lokubulala, kusho amaphoyisa.

OyiDistrict Attorney uDavid Prater ngoLwesibili uvulele uSergeant Keith Sweeney icala ngesigameko esenzeka ngomhlaka-15 Novemba okwadutshulwa kuso uDustin Pigeon oneminyaka engu-29 ubudala.

Amaphepha afakwe enkantolo abengenalo igama likalowo omele uSweeney kuleli cala.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa libulale abasolwa abathathu lalimaza ababili lase lizidubula lona

Amaphoyisa athi uSweeney nelinye iphoyisa babizelwa endaweni yesigameko bafike bathola ukuthi uPigeon uzama ukuzibulala. Amthola ephethe uketshezi olubhebhethekisa umlilo kanye ne-lighter.

Amaphoyisa athi elinye iphoyisa elalihamba noSweeney ladubula eceleni kukaPigeon ngenhloso yokumexwayisa kepha wangakhuzeka, uSweeney wabe esedubula uPigeon washonela khona lapho.

UCaptain Bo Mathews uthe uSweeney uselivini ekhokhelwayo.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 18-25°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Numerous showers. Cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 18-22°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...