Kweqe 120 weziboshwa kugasela iqulu labantu lifuna ukubulala isiboshwa

2017-12-15 16:08

Antananarivo – Zibalelwa kwezingu-120 iziboshwa ezeqe ejele enyakatho-mpumalanga yeMadagascar ngemuva kokuba iqulu labantu ligasele khona lifuna ovalelwe ngecala lokubulala, kusho uMnyango wezobuLungiswa ngoLwesine.

"Balinganiselwa kwabangu-800 abantu abangene ngodli e-Ikongo Prison ngoLwesithathu ekuseni befuna ukubulala owesilisa osejele ngecala lokubulala,” kusho okhulumela uMnyango uJeremy Napou.

Iqulu labantu ligudluze onogada ebebevimbile ladedela iziboshwa ezingu-120 ngemuva kokubona ukuthi isiboshwa ebebesifuna sesiyiswe kwelinye ijele.

OLUNYE UDABA: ISITHOMBE: UMugabe ubonakale ephuma esihedlela eSingapore 

Kuthunjwe ojele abahlanu kodwa badedelwa ngokuhamba kwesikhathi.

Iziboshwa ezeqile namanje zisagcwele izinkalo.

Kubikwa ukuthi izigameko zokuziphindiselela zivamile eMadagascar.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...