Kwembulwa kwembeswa ephoyiseni elidutshulwe esiteshini sesitimela

2017-06-13 18:00

Munich – Kulimale kabi iphoyisa laseGermany kanye nabanye abantu ababili ngesikhathi ushayasibhamu evulela ngenhlamvu esiteshini sesitimela eMunich, ngaphambi kokuba adutshulwe aboshwe, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa aseMunich, uMarcus da Gloria Martins, utshele izintatheli ukuthi azikho izimpawu ezikhomba ukuthi isenzo somsolwa sigqugquzelwe yinkolo noma ezombusazwe.

Amaphoyisa athe umsolwa ungowesilisa waseGermany oneminyaka engu-37 ubudala kodwa athi ayikho imininingwane abayitholile ngokuthi ngabe wake walahlwa yini amacala phambilini.

OLUNYE UDABA: Lilengiselwe isigwebo ikhehla elabulala umkalo owazicelela ukufa

UMartins uthe owesilisa uzame ukududulela elinye lamaphoyisa phambi kwesitimela, ebesifika esiteshini.

Kubenokuhilizisana nomsolwa ogcine esethathe isibhamu sephoyisa, wadubula ngaso.

"Iphoyisa lidibuleke ekhanda, kanti lisesimeni esibucayi,” kusho uMartins.

Abanye abantu ababili nabo abadubulekile basesibhedlela kodwa impilo yabo ayikho sengozini.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...