Kuzwakale ukuhayiza kushayisana amabhanoyi e-airport
2018-01-06 12:40
Toronto — Abagibeli baphoqwe ukuba baphume
ngezindlela ezisetshenziswa uma kunezimo eziphuthumayo ngesikhathi kushayisana
amabhanoyi amabili esikhumulweni sezindiza iToronto's Pearson International
Airport.
Akulimalanga muntu kulesi sigameko.
IWestJet ithi ibhanoyi layo ebeliphuma
eCancun, eMexico linabagibeli abangu-168 nezisebenzi eziyisithupha belimile,
lilinde ukuya lapho kumele lehlise khona abantu ngesikhathi lishayiswa ngelinye
ibhanoyi ebelisuka lapho kwehliselwa khona abantu.
OLUNYE UDABA: Usobishini othengele ingoduso indandatho ngemali eyebiwe
I-video yebhanoyi le-Westjet iveza
amalangabi omlilo ophikweni lwebhanoyi iSunwing. Kuzwakala nabagibeli behayiza.
Isikhulumi uLauren Stewart uthi
abagibeli be-WestJet bakhishiwe ebhanoyini kanti bonke baphephile.
ITransportation Safety Board eCanada ithi
iyaphenya ngesigameko.
- News24