Kuzoqulwa elikamama 'owabulala' ingane ngokuyigxisha amaphilisi

2017-10-04 18:00

Glenwood — Umama waseningizimu ntshonalanga ne-Iowa, eMelika, osolwa ngokunikeza indodakazi yakhe, 8, inqwaba yamaphilisi okudambisa ukhwantalala, kulindeleke ukuba icala lakhe liqalwe ukuqulwa ngoDisemba.

Ngokwamaphepha aseNkantolo yaseMills County, uMisty Frazier, 34, uwaphikile amacala abekwe wona; okubalwa elokubulala, ukufaka ingane engozini kanye nokuyinikeza amaphilisi angaphezu kwesikali esivumelekile.

Icala lakhe kulindeleke ukuba liqale ukuqulwa ngomhlaka-12 Disemba.

OLUNYE UDABA: Umama ubulale izingane, wehluleka ukuzibulala

Abashushisi bathi ukuhlolwa kwesidumbu kuveza ukuthi le ntombazanyana ishone ngo-Okthoba ngenxa yokuthatha isikali eseqile samaphilisi okudambisa ukhwantalala.

Ngonyaka owedlule, umama wabekwa amacala okubulala kulandela ukutholakala kwezingane zakhe ezine zishonile, eJapan.

Kulezi zingane kwakukhona neyentombazane eneminyaka emithathu ubudala.

Imibiko yabezindaba yaveza ukuthi izisulu zibulawe umama wazo ngaphambi kokuba azame ukuzibulala naye.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...