Kuzophoqwa uFacebook, uWhatsApp ukuba badalule imiyalezo efihliwe

2017-07-15 08:31

Sydney – Izikhondlakhondla zezinkampani zezokuxhumana, uFacebook kanye noWhatsApp zizophoqwa ukuba zidalule imiyalezo efihliwe (encrypted) yalabo abasolwa ngokuvukela umbuso kanye nezinye izigebengu.

Le miyalezo kuzofanele lezi zinkampani ziyikhiphele amaphoyisa ase-Australia ngaphansi kwemithetho emisha eshaywe ngoLwesihlanu.

Iminyalezo e-encrypted imiyalezo esuke ikhiyelwe ngama-code ukuze ingeke ibonwe umuntu ongenayo inombolo eyi-code yokuyivula.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uNdunankulu wakuleliya lizwe, uMalcolm Turnbull,  exwayise ngokuthi imiyalezo efihliwe idla lubi kuleliya lizwe kanti isetshenziswa kakhulu amaphekula, abashushumbisi bezidakamizwa kanye nezidleke zabantu abathanda ukulala nezingane ezincane ngeminyaka (paedophile), wanxusa ukuba kushaywe umthetho ozovumela amaphoyisa ukuba enze umsebenzi wawo.

OLUNYE UDABA: Nayi i-network kamakhalekhukhwini eshesha ukuwedlula wonke eMzansi

“Kumele senze isiqiniseko sokuthi i-internet  ayisetshenziswa njengendawo emnyama yabantu abambi ukuze bafihle izenzo zabo zobugebengu emthethweni,” usho kanje, engeza ngokuthi lezi zinkampani zezokuxhumana “kumele zibhekane nomsebenzi wazo”.

“Abakwazi ukuvele bageze izandla ngakho bese bethi akuhlangane nabo.”

Kuyimanje iziphathimandla zase-Australia ziyakwazi ukuthola ulwazi ezinkampanini zomakhalekhukhwini, kodwa hhayi kulezi zinkampani ze-internet ezisebenzisa i-data encryption ukuqinisekisa infihlo kubantu abasebenzisa izinkundla zokuxhumana.

I-encryption yenza ukuthi imibhalo ivele ibe yingxovangxova. ingafundeki, kuze kube ivulwa nge-code yakhona noma kuze kuba ifika kulo esuke ibhekiswe kuyena.

“Futhi lokho akwamukelekile. Singumphakathi, intando yeningi, kaphansi kwenqubo yomthetho, futhi umthotho kumele usebenze online kanye na-offline.”

Lo mthetho uzokwethulwa ePhalamende ngaphambi kokuba kuphele unyaka.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...