Kuvalwe i-Valentine ngenxa yokuthi iphambene nezimfundiso zenkolo

2018-02-09 07:04

Islamabad – Izwe lasePakistan selivale imicimbi egqugquzela iValentine's Day, kanye nezikhangiso zayo, unyaka wesibili kulandelana ngemuva kokuba inkantolo inqume ukuthi aluhambisana nenkolo yamaSulumane.

IPakistan Electronic Media Regulatory Authority (Pemra) ikhiphe isexwayiso ngoLwesithathu kumabonakude nasemisakazweni ngemicimbi ye-Valentine's Day.

OLUNYE UDABA: Udokotela ezinsolweni zokuthelela abantu nge-HIV

"Awukho umcimbi oyovumeleka ukuba usingathwe endaweni yomphakathi,” kusho uPemra.

Ukuvalwa kwale micimbi kuqale ngonyaka odlule ngemuva kwesinqumo seNkantolo eNkulu yase-Islamabad kulandela isicelo esasifakwe yizakhamuzi ezazikhala ngokuthi lolu suku akulona olwazo, ngolwasemazweni aseNtshonalanga futhi luphambene nezimfundiso zabo njengamaSulumane.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...