Kuthungathwa imoto eshayise amasosha yabaleka

2017-08-09 14:00

Paris – Amaphoyisa aseFrance aqalise ukuthungatha ngoLwesithathu ngemuva kokuba imoto ishayise amasosha ngasenkanjini yawo ngaphandle kwaseParis, kwalimala abantu abayisithupha, ababili kubona basesimeni esibucayi.

Amaphoyisa athungatha imoto, ebaleke ngemuva kwesigameko esichazwe yimeya yendawo uPatrick Balkany njengesamabomu.

Isigameko senzeke ngabo-08:00 ekuseni (0600 GMT) ngaphandle kwenkanji yamasosha enyakatho-ntshonalanga yeParis endaweni yaseLevallois-Perret.

OLUNYE UDABA: Ishonile engane eyaphuza amanzi abilayo

UBalkany utshele abezindaba ukuthi imoto igijime kakhulu ngesikhathi kuphuma amasosha enkanjini.

Izwe laseFrance kusukela ngoNovemba 2015 selihlaselwe kakhulu ngabashokobezi.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...