Kuthungathwa ezibambe inkunzi iveni legolide

2016-12-12 16:00

Paris - Izigebengu zibambe inkunzi iveni elithutha igolide elingu-70kg eduze kwedolobha laseFrance ngoMsombuluko, kusho umthombo wamaphoyisa.

Lezi zigebengu ezingu-4 zisebenzise izimoto ezimbili ukuvalela iveni indlela enyakatho yeLyon, kusho umthombo.

OLUNYE UDABA: Uvele enkantolo osolwa ngokudayisa igolide ngokungemthetho

Lezi zigebengu zilayishe leli golide kwenye yezimoto zabo, zase zivalela onogada ababili ngemuva evenini.

Ngaphambi kokuba zishaye zichithe, lezi zigebengu zokhele ngomlilo enye imoto ebezihamba ngayo.

Umlilo wokheleka kwezinye izimoto ebeziseduze kodwa amaphoyisa akwazile ukufika endaweni yesigameko umlilo ungakafiki ungakafiki evenini.

Onogada bakhishwe emotweni bephephile, kusho abaphenyi.

Amaphoyisa athungatha abasolwa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...