Kutholakale izitho zabantu lapho kuphahlazeke khona indiza

2016-12-04 17:32

Jakarta  - Abatakuli base-Indonesia ngeSonto bathole izitho zabantu olwandle napho kukholakala ukuthi kuphahlazeke khona indiza ebithwele amaphoyisa izolo.

Ibhanoyi elincane ligcine ukuxhumana nababhekelele izindiza ngoMgqibelo ngesikhathi liya eBatam, ngaseSingapore, ngemuva kokusuka eSumatra.

Bonke abantu ebebephakathi ebhanoyini, okubalwa kubona izisebenzi ezinhlanu zasebhanoyini kanye namaphoyisa angu-8, kunokwesabela ukuthi bashonile, kusho izikhulu.

OLUNYE UDABA: Umfana,14, ezinsolweni zokubulala unina nomfowabo belele

Ibhanoyini i-M28 Skytruck kukholakala ukuthi lingene emanzini, kusho isikhulu seNational Search and Rescue Agency uHenry Bambang Soelistyo.

Utshele abezindaba ukuthi kunezinto zezisulu ezitholakale endaweni zitholwa yizakhamuzi, okubalwa kuzona isihlalo kanye nesikhwama ebesineselula kanye nemiqulu yamaphoyisa.

I-video kamabonakude iveze imifaniswano yamaphoyisa nezinye izingubo kukhishwa olwandle. AP

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...