Kutholakale izidumbu zezingane ezimbili esiqandisini

2018-01-06 09:10

eGermany - Amaphoyisa athungatha owesimame oneminyaka engu-46 ubudala ngemuva kokutholakala kwezidumbu zezingane.

Amaphoyisa athole izidumbu zezingane ezincane esiqandisini efulethini elisempumalanga nezwe laseGermany.

Ngokusho kwamaphoyisa, lezi zingane ezimbili kubonakala sengathi kudala zashona futhi athi bukhona ubugebengu obenzekile lapha.

OLUNYE UDABA:Umfana, 10, udubule udadewabo, 6, ethi uyadlala

Lawa maphoyisa alunywe indlebe ngokushona kwengane eyodwa, kodwa ngesikhathi efika kuleli fulethi eliseBenndorf, athole izingane ezimbili.

Izidumbu zazo zizohlolisiswa ukuze kubonakale ukuthi zibulawe yini.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...