Kutholakale izidumbu ezingu-9 namakhanda amabili eflethini - Umbiko

2017-10-31 11:00

Tokyo - Amaphoyisa aseJapan athole izidumbu eziyisishiyagalolunye, okubalwa namakhanda amabili azo efakwe kwi-cooler box, eflethini elisendaweni ehlala omntakabani eTokyo, kusho umbiko wezindaba ngoLwesibili.

Amaphoyisa abe esebopha uTakahiro Shiraishi, 27, okunguyena ohlala kuleli flethi eliseZama, eningizimu yeTokyo, kusho umsakazeli womphakathi i-NHK.

Okhulumela amaphoyisa akazange atholakale ngokushesha ukuba aqinisekise lesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Kutholakale izidumbu zamantombazane amabili engagqokile

Izikhulu beziphansi phezulu zithungatha owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala obenyamalele zase zizithela phezu kwalezi zidumbu ngemuva kokusesha leli flethi kulandela umkhondo obaholele ekutheni lo odukile uyazana noShiraishi.

Ngokusho kombiko weJiji Press, amaphoyisa athole amakhanda amabili efakwe kwi-cooler box ngasesicabheni saleli flethi ngoMsombuluko ngaphambi kokuzithela phezu kwezidumbu ngaphakathi ngoLwesibili.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...