Kutholakale amakhanda kuma-cooler ngaphandle kwamahhovisi

2017-11-29 12:31

Mexico City - Kutholwe amakhanda amabili kwi-cooler box ngaphandle kwesiteshi somsakazo iTelevisa edolobheni laseMexico eGuadalajara, kusho iziphathimandla ngoLwesibili.

Akucaci ukuthi awobani la makhanda, kodwa le cooler box ibinomyalezo osabisayo osayindwe yiqembu lezigebengu iJalisco New Generation Cartel, kusho iphoyisa kuleli dolobha elisentshonalanga yezwe.

OLUNYE UDABA:Kushaqeke abasebenzi basemtholampilo 'kudubulana amaqembu ezigebengu'

Elinye iphoyisa liqinisekisile ukuthi i-cooler box ibishiywe ngaphandle kwamahhovisi esiteshi somsakazo iTelevisa. 

Yize kunjalo, abezindaba bathi ukutholakala kwala makhanda kuqondiswe emaphoyiseni, hhayi kwabomsakazo.

Khonamanjalo kulo leli dolobha, iziphathimandla zithole enye i-cooler box enomyalezo osabisayo obhekiswe kwijaji kwaphinde kwatholakala nesikhwama esigcwele izicubu zomzimba womuntu, kusho leli phoyisa.

Womabili la maphoyisa anqabile ukudalulwa amagama awo.


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...