Kutholakale 6 wezidumbu zabafuduki olwandle

2017-04-24 14:01

Athens - Iziphathimandla ogwini lwaseGreece ngoMsombuluko zithe babalelwa kwabayisithupha abantu abashonile, okubalwa kubona nengane yomfana, ngesikhathi kucwila isikebhe esiqhingini iLesbos.

"Umkhumbi wamasosha asolwandle eGreece uthole izidumbu ezinhlanu eLesbos," kusho okhulumela amaphoyisa, elingadalulwanga igama lakhe, etshela i-AFP.

"Esinye isidumbu sitholakale ngokuhamba kwesikhathi. Okwamanje kusatholakale isidumbu esisodwa sowesilisa, ezine zabesifazane kanye nesengane yomfana,” esho.

Owesifazane obekhulelwe naye utholakale kule ndawo, wabe esephuthunyiswa esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa abophe umfana,12, obeshayela imoto ehamba yedwa

Ayikho eminye imininingwane ebikiwe ngesigameko noma ngobukhulu besikebe ebesihamba abafuduki.

Iziphathimandla zaseGreece bezithole umbiko ngesikebhe esicwilile.  

Balinganiselwa kwabayisigidi abantu asebefudukele eGreece kusukela ngo-2015, iningi labo lisuka eSyria.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...