Kutholakale 23 wezibhamu egunjini lobulale 59 wabantu eMelika

2017-10-03 13:59

Las Vegas – Izikhulu ezimbili ezisondelene nophenyo ngesibhicongo saseLas Vegas, zithi iziphathimadla zithole izibhamu ezingu-23 egunjini lehhotela obekuhlala kulona ushayasibhamu waseLas Vegas.

Ezinye izibhamu zitholakale emzini wakhe oseNevada.

UStephen Paddock ubephinde abenemishini efakwa ezibhamini ezizishintshayo ukuze zidubule zizishintshe ngokushesha.

Lezi zikhulu zaseMelika zitshelwe ngabezokuphepha le mibiko kodwa kazivunyelwe ukukhuluma nabezindaba ngenxa yokuhti uphenyo lusaqhubeka.

OLUNYE UDABA: Kushone inqwab yabantu kwezokudubula kwikhonsathi eMelika

UPaddock udubule wabulala abantu abangu-59, walimaza abangaphezu kuka-500 esibhicongweni esenzeke kwikhonsathi yomculo.

Phambilini, umnikazi wesitolo sezibhamu e-Utah uthe uPaddock ufike izikhawu eziningi kulesi sitolo sakhe kulo nyaka, waze wathenga ne-shotgun ngemuva kokubhekwa komlando wakhe ngokusebenzisa izibhamu.

Umnikazi wesitolo uthe ubengakaze azitshele ukuthi uPaddock angenza into efana nale.

Ngemuva kokugila lo mkhuba, uPaddock ube esezingqokloza ngesibhamu naye.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...