Kuthiwa lwelapha izinduna uketshezi olutholakala kumakhondomu

2017-12-16 20:13

Cambodia – Uketshezi olutholakala kumakhondomu enzelwe abaqwayizi kanye namadoda athandana nobulili obufanayo seluphenduke inyama kwabesifazane baseCambodia njengoba bethi lwelapha izinduna, kusho abezindaba.

INumber One Plus, okunguketshezi olukhiqizwa yinhlangano iPopulation Services International (PSI), isiza kakhulu enkingeni yezinduna, kusho umdayisi uTep Kemyoeurn, 29, etshela i-AFP.

"Ngemuva kokusebenzisa lolu ketshezi izinsuku ezintathu, izinduna zivele zoma zase ziyaphela nya,” esho. “Abantu abaningi bayalusebenzisa lolu ketshezi futhi bayalwethemba,” esho.

UKhen Vanny, 29, wasePhnom Penh, utshele i-AFP ukuthi abantu besifazane abaningi basebenzisa lolu ketshezi ngisho befuna ukususa amabala.

OLUNYE UDABA: Izalukazi zincoma uketshezi lwamakhondomu

“Lusebenza ngendlela eyisimanga. Abanye abantu abawethembi umsebenzi walolu ketshezi, kepha labo abalusebenzisayo bangakutshela ngemisebenzi yalo kanye nemiphumela emihle," esho.

Omunye wesifazane utshele iphephandaba iKampuchea Thmey ukuthi ubesesebenzise imithi eminingi ukuzama ukwelapha izinduna, kepha engasizakali. Uthi uze wasizwa yilolu ketshezi kule nkinga abebhekene nayo.

I-PSI ayizange itholakale ngokushesha ukuba iphawule ngalokhu.

Kwake kwavela eminyakeni eyedlule ukuthi izalukazi zisebenzisa lolu ketshezi ukwelapha amathambo abuhlungu.

- Health24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...