Kusolwa ukushaya kakhulu "indlwabu" kumasosha afeyilile

2017-09-03 17:06

China - Amasosha afeyilile kuthi anomzimba ontekenteke kanti kusolwa iziphuzo ezihlohlozayo kanye nokushaya kakhulu indlwabu.

Lokhu kushiwo ngabombutho wezimpi waseChina ngemuva kokungagculiseki ngabebezozama inhlanhla ukhona.

Izikhulu zombutho zikhale ngokukhuluphala kwentsha nokungabi nemizimba ekhombisa impilo.

OLUNYE UDABA:Ashoda ngocansi amadoda athanda ukuqoqa endlini

Lezi zikhulu azigcinanga ngokusola ukushaya kakhulu indlwabu kanye neziphuzo ezihlohlozayo, kodwa ziphinde zakhomba ngenjumbane ukudla okuyizocoficofi okudayiswa sekuphekiwe nokudlala imidlalo ekomakhalekhukhwini.

IDaily Mail ibika ukuthi bangu-57% abebezofaka izicelo zomsebenzi kulo mbutho abaphindiselwe emakhaya ngemuva kokuhlungelwa umsebenzi.

- Daily Mail

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...