Kusolwa izintambo zikagesi ngomlilo obulale 11 esikoleni

2016-12-03 08:27

Istanbul – Kushone abantu abangu-12, iningi labo abangamantombazane esikole, ngesikhathi kuqubuka umlilo othungele indawo elala abafundi ngaphakathi esikoleni esiseTurkey.

Lo mlilo, okusolakala ukuthi udalwe yinkinga yezintambo zikagesi, uthungele leli bhilidi elakhiwe ngamapulangwe, wadala ukuthi izingane ziphume ngamawindi zizama ukuwubalekela.

Izikhulu zizwakalise ukukhathazeka ngokuthi iningi labashonile bashone bezama ukuvula izicabha ezingopotsho ezibekelwe izimo eziphuthumayo – nezigcine zingavulekanga.

OLUNYE UDABA: Kushone iziboshwa ezibalelwa ku-23 kuqubuka umlilo ejele

Leli bhilidi lishe laba ngumlotha kulesi sigameko.

“Kushone abantu abangu-12, abangu-11 kubona yizingane zesikole kansye nothisha oyedwa. Bangu-22 abalimalile kulesi sigameko,” kusho isikhulu sase-Adana uMahmut Demirtas etshela isiteshi sikamabonakude sakuleliya lizwe.

“Ngokophenyo sisola izintambo zikagesi ukuthi yizo eziqale lo mlilo,” esho.

IDogan News Agency icacise ngokuthi bonke abafundi abashonile bebengamantombazane.

Abashonile bebephakathi kweminyaka engu-11 no-14 ubudala.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...