Kusolwa ingwenya 'ngokushona' kwesalukazi esiphazamisekile ngokomqondo

2017-10-13 14:01

Brisbane — Iziphathimandla enyakatho ye-Australia zithungatha ingwenya okusolakala ukuthi yiwo ebulale isiguli esiphazamisekile ngokomqondo esiphume esikhungweni esihlala kuso saya lapho kungaziwa khona, kusho amaphoyisa.

Izingubo zika-Anne Cameron, udondolo lwakhe kanye nokubukeka sengathi yizicubu zomuntu kutholakale osebeni lwedamu ngoLwesine ngemuva kwezinsuku ezimbili lesi salukazi, 79, siphume sahamba esikhungweni ebesinakekelwa kuso ePort Douglas, eQueensland, kusho owamaphoyisa u-Inspector Ed Lukin.

Amaphoyisa asola ukuthi lesi salukazi siphume kulesi sikhungo sathwabaza singazi siyaphi saze sayongena ehlathini, sahanjelwa umqondo sase siyaduka.

OLUNYE UDABA: Ingwenya idle owesifazane okhulelwe

Izicubu zomzimba zitholakale endaweni eqhele ngamakhilomitha amabili ukusuka kulesi sikhungo uCameron abehlala kuso.

Kulindeleke ukuba lezi zicubu zihlolwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi ngabe ngezakhe na, kusho uLukin.

Abasebenza ngezilwane sebefake onoxhaka ezindaweni eziningi ukuze kuzobanjwa lesi silwane, esho.

Umzukulu kaCameron, u-Isabella Eggins, ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umndeni wakhe ukholelwa ukuthi lesi salukazi "sishone ngaphansi kwezimo ezishaqisayo".


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...