Kushone umshayeli ngesikhathi 'obezama ukuzibulala' ewela emotweni yakhe

2017-10-30 18:00

Washington DC – Kushone owesifazane osemncane ngesikhathi umfana oneminyaka engu-12 ubudala eziphonsa emgwaqeni omkhulu esuka phezulu ebhulohweni, kanti uzowela phezu kwemoto yowesifazane.

UMarisa Harris, waseMaryland, eMelika, ubehamba ngemoto edlula ebhulohweni ngesikhathi umfana, elingadalulwanga igama lakhe, okuthiwa ubezama ukuzibulala, ewela emotweni yakhe yohlobo lwe-Ford Escape ngoMsomgqibelo, mhlaka-28 Okthoba.

Indlela umfana ashayeke ngayo emotweni ibulale uHarris, 22, endaweni yesigameko, kwadingeka ukuba obehlezi eceleni azame ukubamba isiteringi ayoyimisa eceleni komgwaqo imoto.

OLUNYE UDABA: Ubabele enkantolo umama ongafuni ingane yakhe igonywe

Ngokombiko we-NBC News, okhulumela amaphoyisa uCorinne Geller esitatimendeni uthe akalimalanga owesilisa obehlezi eceleleni emotweni.

Umfana oneminyaka engu-12 yena kuthiwa kubonwa ngokusa kuyena esibhedlela angeniswe kusona i-Fairfax eVirginia ngemuva kokuzama ukuzibulala.

Umufi uchazwe umndeni wakhe njengomuntu obenothando kanti amaphoyisa athi ayaphenya ngesigameko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...