Kushone umama nendodana imoto ebibaleka iphaphalaza yayongena endlini

2017-12-01 16:00

Dayton - Amaphoyisa athi imoto iphaphalaze yayoshayisa umuzi ose-Ohio, eMelika, kwashona owesifazane oneminyaka engu-39 ubudala kanye nendodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa ubudala.

Izidumbu zabashonile zihlonzwe ngengezoMaria Davis noJerome Davis.

Umuntu wesithathu obekhona ngesikhathi lo mndeni uhlezi egumbini lokuphumula yena akazange alimale.

Amaphoyisa athi lesi sigameko senzeke eDayton ngoLwesithathu ebusuku. ULt. Steven Bauer uthi kubukeka sengathi umshayeli wale moto utatazelile ngesikhathi ebona imoto yamaphoyisa wabe eseyishaya le moto yazula ngemizamo yokuwabalekela.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Imoto yezicishamlilo ingene emzini womuntu!

UBauer uthi lo mshayeli uhlulekile ukuyilawula yase iyoshayisa umuzi womuntu ngaphambi kokuba amaphoyisa ayimise.

Abakwasidlodlo baqhube ngokuthi le ndoda ebishayela le moto edale umonakalo ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela khona endaweni yesigameko.

UBauer uphethe ngokuthi kutholakale isibhamu kanye nezidakamizwa emotweni kamsolwa.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 18-25°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Numerous showers. Cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 18-22°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...