Kushone umakoti nabebezolekelela kulungiselelwa umshado

2018-04-24 16:01

Kubulawe okungenani abantu abangu-20 okubalwa kubo nomakoti ngesikhathi ukuhlasela kwamasosha aseSaudi Arabia emoyeni kudubula iphathi yomshado enyakatho yeYemen, kusho izikhulu zezempilo.

Izisulu eziningi kube ngabesifazane nezingane ebezibuthelene ukusetha itende njengoba bekuzoba nomshado esifundeni iBani Qayis, ngokusho kukaKhaled al-Nadhri, ongumholi wezempilo esifundazweni iHajjah.

Inhloko yesibhedlela uMohammed al-Sawmali uthe umkhwenyana kanye nabanye abantu abangu-45 balimalile kanti bangeniswe esibhedlela sendawo i-al-Jomhouri.

Abangu-30 kulaba abalimele kubikwa ukuthi yizingane, kanti ezinye kuzona kwembulwa kwembeswa.

Izithombe ezitshengisa indawo yesigameko zikhombisa izicubu zabantu zisakazeke yonke indawo kanti kwesinye kubonakala umfanyana anga isidumbu sowesilisa, ekhihla isililo.

OLUNYE UDABA: Usizi kushona umakoti ngemuva komshado

Okhulumela uMnyango wezeMpilo u-Abdel-Hakim al-Kahlan uthe ama-ambulensi aqale angakwazi ukufinyelela endaweni yesigameko ngenxa yokwesabela ukuthi kungase kuhlaselwe emoyeni futhi njengoba amabhanoyi ombutho wezempi abesaqhubeka nokundizela ngakule ndawo ngeSonto.

“Asiwuthathi neze kancane lo mbiko kanti sizoqhuba uphenyo olunzulu njengoba sihlale senza ezigamekweni ezifuze lesi," kusho umbutho wezempi waseSaudi Arabia.

I-Al-Masirah, okuyisiteshi sikamabonakude, ibhale ekhasini layo likaTwitter yaveza ukuthi kushone abantu abangu-33 kwathi abantu-55 balimala kulesi sigameko.

Zingaphezu kuka-10 000 izakhamuzi esezibulewe kwathi ezingamashumi ezinkulungwane zalimala kulolu dlame oseludonse iminyaka emithathu eYemen.


- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...