Kushone udokotela, kwalimala abanye kwesokudubula esibhedlela

2017-07-01 12:57

New York – Kushone udokotela, kwalimala abantu abayisithupha ngesikhathi ushayasibhamu evulela ngenhlamvu esibhedlela saseNew York ngoLwesihlanu.

UMeya uBill de Blasio uthe odokotela abaningi balelwa izimpilo zabo ngemuva kwesigameko esenzeke eBronx borough.

Uqhube wathi ushayasibhamu obengudokotela owayesebenza kulesi sibhedlela, naye uzibulele.

OLUNYE UDABA: Isiguli sidubule ababili emtholampilo, sazibulala

Isikhulu samaphoyisa eNew York uJames O'Neill uthe abantu abahlanu balimale kabi kanti owesithupha ulimale emlenzeni.

Umsolwa utholakale eshonile esitezi sika-17 esibhedlela, kanti kubukeka sengathi uzibulele, kanti eduze kwakhe kutholakale udokotela wesifazane, naye eshonile.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...