Kushone oyedwa ushayasibhamu evulela ngenganono esontweni

2017-09-25 11:00

Nashville - Ushayasibhamu obezifihle ubuso uvulele ngenganono esontweni laseNashville ngeSonto, ehamba phakathi kwezihlalo edubula abazalwane.

Kulesi sigameko kushone umuntu oyedwa kwalimala abangu-7, kusho iziphathimandla.

Omunye wamalungu ebandla ube eseqondana ngqo nale ndoda wahilizisana nayo, wagcina ngokudubuleka ngaphambi kokuba umsolwa aboshwe, kusho amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe 6 wezivakashi ebezithenga amantombazanyana

Amaphoyisa i-FBI ngeSonto ebusuku, athe aqalise uphenyo ngesigameko sokudubula esenzeke esontweni, iBurnette Chapel Church of Christ.

Imbangela yesigameko ibingakaziwa.

Amalungu ebandla atshele abaseshi ukuthi umsolwa wake waba yilungu le bandla eminyakeni emibili eyedlule, kusho uDon Aaron, okhulumela amaphoyisa aseNashville.

Amaphoyisa, athe umsolwa uzobhekana necala lokubulala kanye namanye asazongezwa.

 - TWITTER:

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...