Kushone oyedwa kwalimala abangu-22 kushayisana izitimela

2018-02-13 09:32

Vienna - Kushayisane izitimela ezimbili e-Austria, kwashona umuntu oyedwa kwalimala abangu-22, kusho amaphoyisa etshela i-AFP.

Amaphoyisa athe isigameko senzeke ngaphambi kwezithuba zabo-13:00 esiteshini sesitimela iNiklasdorf esifundazweni iStryia.

Imbangela yesigameko ayikaziwa.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Kushayisane izitimela ezimbili eGermiston

Okhulumela abenkampani yezitimela uthe izitimela ezibandakanyeke kule ngozi ngesasendaweni nesaseGraz okungamakhilomitha angu-40 uma usuka eNiklasdorf ubheke eSaarbruecken eGermany.

NgoDisemba kwalimala abantu abangu-8 ngesikhathi isitimela siphuma kujantshi eVienna.



- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...