Kushone oyedwa kwalimala 27 isitimela siphuma kujantshi

2017-02-19 09:17

Brussels – Kushone umuntu oyedwa kwalimala abangu-27, abaththu kubona balimala kabi, ngesikhathi isitimela siphuma kujantshi ngoMgqibelo ngemuva kokusuka esiteshini esisempumalanga yeBrussels, kushoizikhulu.

Isitimela besithwele abantu abangu-85 ngesikhathi siphuma emzileni ngemuva kwemizuzu emine sisuke eLouvain silibhekise eNorth Sea coast.

OLUNYE UDABA: Idelakufa libulale 75 ePakistan

"Abatakuli bakuqinisekisile ukuthi kushone umuntu oyedwa, kwalimala kabi abantu abathathu kanti abangu-24 bathole imihuzuku,” kusho isikhulu saseBelgium.

ULouis Tobback, imeya yaseLouvain, ikuqinisekisile nayo ukushona komuntu oyedwa.

Imbangela yengozi ibingakaziwa kanti iziphathimandla ziyaphenya.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Morning clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...