Kushone oyedwa kuqubuka umlilo ebhilidini likaMengameli wezwe

2018-04-08 15:01

eMelika - Owesilisa oneminyaka engu-67 ubudala ushonile ngemuva kokuqubuka kwelangabi efulethini lakhe.

Leli fulethi lisesitezi 50 ebhilidini elaziwa ngokuthi yi-Trump Tower eNew York.

Izicishamlilo ezisebenzela i-NYFD ziphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokukhala kwama-alamu amathathu  omlilo ntambama ngo-6 (ngesikhathi sakuleli).

Lezi zicishamlilo ezibalelwa ku-200 zifike kuleli bhilidi elikhulukazi eliseManhattan kusha ubuhanguhangu.

OLUNYE UDABA:Bathathu abashone ezingozini ezenzeke eWestern Cape

"Owesilisa osebenza ngezobuciko uTodd Brassner ukhishwe kuleli bhilidi esesimweni esibucayi waphuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho afike ashonela khona,"kusho uKhomishana woMnyango weziCishamlilo uDaniel Nigro.

UNigro uthi kunezicishamlilo ezine ezilimalile ngesikhathi bezama ukubhula leli langabi.

UMengameli uDonald Trump unehhovisi kanye nekhaya kuleli bhilidi, kodwa ubesehhotela lakhe likanokusho iTrump International Hotel eliseWashington ngesikhathi kuqubuka lo mlilo enomkakhe uMelania.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...