Kushone oyedwa kulwa abalandeli

2017-02-13 18:00

Rio De Janeiro – Kushone umlandeli webhola lezinyawo kwalimala inqwaba ngesikhathi kuqubuka udlame eRio de Janeiro ngaphambi komdlalo wangeSonto weBotafogo neFlamengo, kubika abezindaba zaseBrazil.

Imibiko ithi isisulu, uDiego Silva dos Santos, 28, sibulawe ngase-Engenhao Stadium, okungenye yezinkundla ezasingatha imidlalo kuma-Olympic ngonyaka odlule.

Uthuthuva lusuke ngaphambi komdlalo onqotshwe yiFlamengo ngo-2-1.

OLUNYE UDABA: Udlame ulubuyiseli: Khoza

Amaphoyisa agcine ekwazile ukulawula isimo ngokusebenzisa izinhlamvu zenjoloba kanye nesisi esikhalisa unyembezi.

Izikhulu zezempilo zithi bangu-8 abantu abangeniswe eSalgado Filho Municipal Hospital beshayekile kanti abanye bedubulekile kulesi sehlakalo esenzeke ngase-Engenhao.

Oyedwa kwabangeniswe esibhedlela ushonile, abane badedelwa kanti abathathu basathola ukwelashwa esibhedlela, oyedwa kubona esesimeni esibucayi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...