Kushone owesilisa nezingane zakhe ezimbili beshayiswa isitimela

2016-05-19 18:31

Flora – Amaphoyisa aqinisekise ukuthi kushone owesilisa nezingane zakhe ezimbili ngesikhathi iveni labo lishayiswa isitimela eMississippi.

Inkampani yezitimela i-Amtrak ikhiphe isitatimende ngosomlomo wayo uChristina Leeds kuqinisekiswa le ngozi eyenzeke ntambama ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA:Kulimale abantu ababili abawe isitimela sihamba

Amaphoyisa athe lo wesilisa oneminyaka engu-35 ubudala kanye nezingane zakhe ezimbili ezineminyaka eng-7 nenonyaka owodwa bashonele khona lapho.

Ingane eneminyaka engu-7 ubudala kanye noyise bebewafasile amabhande kanti umuntuza omncane ubehleli esihlalweni sakhe, kubika i-AP.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...