Kushone izingane ezinhlanu kusha indlu

2016-09-28 10:02

Hagatna – Kushone izingane ezinhlanu ngesikhathi kusha indlu eGuam, kusho izikhulu ngoLwesibili, esezichaze lesi sigameko njengesinyantisa igazi emlandweni wakuleliya lizwe.

Umlilo uqubuke ngoMsombuluko ebusuku endlini yamapulangwe eYigo, kusho abezimo zemicimamlilo eGuam.

"Kushone izingane ezinhlanu emlilweni eYigo," kusho uMnyango kuFacebook.

Funda nalolu daba: Ubaba kamakoti ubulale 12 emshadweni

Okhulumela abezicimamlilo uKevin Reilly uthi izingane ezinhlanu zitholakale zishonile endlini, kanti ezinye ezintathu ziphuthunyiswe esibhedlela.

"Sisazama ukuthola imininingwane, kunzima futhi sisazama ukuthola ukuthi umlilo udalwe yini,” usho kanje etshela iPacific Daily News.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...