Kushone izingane ezine kusha umuzi

2018-01-08 12:30

Montreal - Kushone izingane ezine kusha umuzi empumalanga nesifundazwe iNova Scota, eCanada, kusho abezindaba ngeSonto.

Lo mlilo ungqongqise lo muzi osenhlokodolobha iPubnico wawumlotha.

Amaphoyisa endawo iRoyal Canadian Mounted Police, athe aphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokuthola ucingo ngezithuba zabo-04:13 ngeSonto.

"Singakuqinisekisa ukuthi kukhona abashonile kulesi sigameko.

"I-RCMP isasesigabeni sokuqala sophenyo," kusho uJennifer Clark etshela abezindaba.

OLUNYE UDABA:Kushone izingane ezinhlanu kusha indlu

Abezindaba babike ukuthi kushone izingane ezimbili zomndeni owodwa nezinye ezimbili zangaphandle ebezivakashile ngesikhathi sesigameko.

Khonamanjalo, ngoMsombuluko kuqubuke umlilo esitolo sokudlela kwashona abasebenzi abahlanu abebelele ngaphakathi kuleli bhilidi eningizimu nedolobha eliseNdiya, iBangalore, kusho amaphoyisa.

Owamaphoyisa u-MN Anucheth uthe umlilo uqubuke ngemuva kokuba sekuhambe amakhasimende, abasebenzi abalala emsebenzini bona bavaleleka ngaphakathi ebhilidini iKumbaara Sangha.

Uthe umlilo usucishiwe kodwa imbangela yawo iyaphenywa.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...