Kushone iziboshwa ezingu-9 kuliwa ejele

2018-01-02 15:58

Sao Paulo — Iziboshwa zamaqembu ehlukene zitholane phezulu ejele laseGoias State ngoMsombuluko, kwashona ezingu-9 kwalimala ezingu-14, kusho iziphathimandla zitshela abezindaba i-G1 eBrazil.

Izikhulu zithi udlame ejele laseColonia Agroindustrial e-Aparecida de Goiania Complex luqubuke ngesikhathi iziboshwa zakwesinye isitokisi zihlasela ezinye, lapho kugcinwe khona ezinye iziboshwa eziyizimbangi zazo.

Abahlaseli bashise imibhede ngomlilo bashisa nezidumbu zalabo ebesebebulwe, kusho iziphathimandla. Abezicimamlilo bakwazile ukuwucima ngokuhamba kwesikhathi.

OLUNYE UDABA: Uzibulele obulale ababili besemsebenzini

Iziphathimandla zisiqinisekisile isibalo sabashonile, kodwa zithi bebengakahlonzwa, kubika iG1.

Abezindaba bathi zibalelwa kwezingu-106 iziboshwa ezeqile ngesikhathi sesigameko, kanti sekubanjwe ezingu-29.

Kuthiwa kunezinye futhi iziboshwa ezingu-127 ezigcine zizibuyele zona ngemuva kokweqa.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...