Kushone iziboshwa ezingu-7 kuqubuka udlame ngaphakathi ejele

2018-04-17 17:59

Kushone iziboshwa eziyisikhombisa kwathi ezingu-17 zalimala kabi ngesikhathi zilwa zodwa ejele elithathwa njengelinezokuphepha eziqinile eSouth Carolina.

Okhulumela ezamajele uJeff Taillon umemezele lokhu ngemuva kokuthi izikhulu zeState Law Enforcement Division zelule isandla zaqinisekisa ukuphepha eLee Correctional Institution ngabo-03:00 ngoMsombuluko.

UTaillon uthe abekho ojele abalimalile ngemuva kokuqubuka kodlame phakathi kweziboshwa ngabo-19:15 ngeSonto. Uthe lezi ziboshwa ezingu-17 ezilimele kudingeke ukuthi zithole usizo lwezempilo ezikhungweni ezingaphandle kwasejele.

OLUNYE UDABA: Kugobhoze igazi, kwashona abangu-28 kulwa izimbangi ejele

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo eSouth Carolina ubhale enkundleni yezokuxhumana uTwitter waveza ukuthi kulolu dlame bekulwa iziboshwa ezihlala ezitokisini ezintathu ezehlukene.

Leli jele limumatha iziboshwa ezingu-1 500, kanti ezinye ziboshelwe amacala abucayi kakhulu njengoba ezinye zidonsa izigwebo ezinde.

Kuleli jele kwake kwagwazwa ojele ababili ngo-2015.

Esinye isiboshwa sabulawa ngesinye ngoFebhuwari.

TWITTER:

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...