Kushone iziboshwa ezimbili kuqubuka udlame ejele

2017-11-12 11:01

Sao Paulo - Izikhulu zaseBrazil zithi udlambedlu oluqubuke ngaphakathi ejele lushiye iziboshwa ezimbili zishonile kwathi ezinye eziyisithupha zalimala eningizimu yeParana.

Kuthiwa nokho lesi siphithiphithi sigcine silawulekile.

UMnyango wezamaJele kulesi sifunda uthi lolu dlambedlu luphele ngoMgqibelo ngemuva kokuthi iziboshwa ezimbili zidedele ojele ababili ebezibavalele ndawana thize ngaphakathi ejele.

Labo jele baphuthunyiswe esibhedlela sendawo belimele, kodwa kungekubi kakhulu.

OLUNYE UDABA: Kuphume isidumbu 'kuphakanyiswa inombolo' ejele

Lolu dlame oludonse cishe amahora angu-43 ejele iCascavel, luqale ngoLwesine.

Iziboshwa kubikwa ukuthi bezinxenxa ukuthi zinikezwe ukudla okUngcono kunalokhu ezikuthola kuleli jele kuphinde kususwe ojele abathathu bayiswe kwamanye amajele.

Akucaci noma lezi zimfuno zazo zihlangatsheziwe yini.

Zibalelwa ku-700 iziboshwa kwezingu-980 kuleli jele ezibe yingxenye yalesi siphithiphithi, kanti isikhulu saseParana State sithi lesi simo sidalwe wudlame lwamaqembu ezigelekeqe angabhekani ngaphakathi ejele.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...