Kushone ingoduso nezimpelesi engozini

2018-03-12 19:31

Istanbul - Ingoduso kanye nalabo ebebezoba yizimpelesi bashonile sekusele amaviki ambalwa kushadwe, ngemuva kokuba indiza ebebehamba ngayo iphahlazeke ezintabeni, yagqamuka amalangabi.

UMina Basaran, oyindodakazi yesicebi saseTurkey uHuseyin Basaran, ubebuya emcimbini wakhe kanokushi wokuzilungiselela umshado ngesikhathi ehlelwa yingozi, kubika i-news.com.au.

Bekulindeleke ashade nesinqandamathe sakhe, uMurat Gezer, esingusomabhizinisi, ngo-Ephreli 14.

OLUNYE UDABA: Kutholakale imibungu ifakwe emabhodleleni endaweni ebilungiswa

UMina, nabangani bakhe abayisikhombisa kanye nezisebenzi ezintathu zasebhanoyini bebegibele indiza kayise, ebisuka eSharjah e-United Arab Emirates ilibhekise e-Istanbul, eTurkey, ngesikhathi sengozi eyenzeke ezintabeni zase-Iran (eZagros Mountains).

Ngaphambi kosuku abashone ngalo, uMina ufake isithombe emamatheka enabangani bakhe endaweni yokugcebeleka eDubai, kubika i-nine.com.au.

- YOU

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Scattered tstorms late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-20°C Sprinkles early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...