Kushone abazalwane abangu-16 kugingqika ibhasi

2017-07-16 19:03

Srinagar – Kushone okungenani abazalwane abangu-16 benkolo yamaHindu kwathi abanye abaningi balimala ngemuva kokugingqika kwebhasi abebehamba ngalo ngeSonto.

Le ngozi yenzeke eJammu, eNdiya, kusho amaphoyisa, ngemuva nje kancane kokuthi oshayasibhamu bedubule babulala abazalwane abangu-8 nabo bekhuphukela endaweni engcwele.

"Sekuqinisekiswe abantu abangu-16 abashonile kanti abangu-19 bona balimele kwathi abangu-8 bathola imihuzuko,” kusho amaphoyisa.

Leli bhasi likhalakathele eweni esifundeni esisenyakatho neNdiya lapho amaHindu ekhuphukela khona njalo endaweni egcwele eyokhonza inkosi uShiva.

OLUNYE UDABA: Kushone 12 kwalimala 6 engozini yebhasi eNkandla e-KZN

Abanye abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ngendiza, kwathi abanye bayiswa emitholampilo yendawo ukuze bayothola ukwelashwa, kusho amaphoyisa.

Lesi sibhicongo siza ngemuva kokuthi kushone omunye umzalwane wale nkonzo ngeSonto kulandela ukulimala ezinsukwini eziyisithupha ezedlule ngesikhathi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu bebhekise ebhasini elaligcwele abazalwane.

Ukushona kwalo wesifazane kubeka ku-8 isibalo sabantu abashone esehlakalweni sangoMsombuluko, lapho okushone khona abesifazane abayisikhombisa nowesilisa oyedwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...